Kubikwa ukuthi ubheke kwi-Al Ahly uJose Riveiro ozobonakala eqeqesha i-Orlando Pirates okokugcina ngoLwesibili koweBetway Premiership. Kuvela nokumenze washeshe wacela ukukhululwa.
IPirates ngoMsombuluko imemezele ukuthi uzogcina ukupheka iqembu kusasa uRiveiro, emdlalweni wayo neLamontville Golden Arrows. Iphini lakhe uMandla Ncikazi uzoqhubeka nomsebenzi wokupheka ngokubambisana neHead Performance Analyst , uRayaan Jacobs.
Ngokombiko wentatheli elandela izindaba zeCAF, uMicky Jnr, uRiveiro uzojoyina izinkunzi zase-Egypt i-Al Ahly ehlukane nomqeqeshi uMarcel Koller ngemuva kokuhluleka kwakhe ukubeka iqembu kowamanqamu weCAF Champions League. Usayine inkontileka yeminyaka emibili.
UMicky uthi izingxoxo phakathi kukaRiveiro ne-Al Ahly ziqale ngoFebruary. I-Al Ahly ibinesifiso sokuthi asheshe afike azoqala ukusebenza neqembu ukuze bezolungiselela kahle iFIFA Club World Cup ezoqala ngenyanga ezayo e-USA.
Kuthiwa uRiveiro uzobe eyikha ngamafosholo imali eGibhithe futhi akekho umqeqeshi e-Africa ozohola ukudlula yena.
Uzothatha owayeyiphini lakhe kwi-Orlando Pirates uSergio Almenara nabanye abane aye nabo kwi-Al Ahly
Ukuya kwalo mqeqeshi kwi-Al Ahly kungasho ukuthi kungenzeka kube khona umdlali wakuleli angase abheke ukumsayinisa uma bekhona abathandayo.
Kuzokhumbuleka ukuthi i-Al Ahly ibalwa phambili kumaqembu agaqele ukusayinisa uMonnapule Saleng.
Khonamanjalo, kubikwa ukuthi ukuwina kweSundowns ngo 3-0 izolo ikona okwenze uRiveiro wacela ukuhamba ngoba sekuphelile ngombango wesicoco seligi.