Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uthi muhle umsebenzi owenziwa wuSipho Chaine uma bebhekene nama-penalty njengoba ephinde wabasiza ngesikhathi bekhipha iSuperSport United kwiNedbank Cup izolo ntambama.
IPirates inqobe ngo 5-4 kuma-penalty ngemuva komdlalo ophele ngo 2-2.
IBucs izama ukuvikela isicico sayo kwiNedbank futhi ifuna ukuqopha umlando ngokuyinqoba okwesithathu kulandelana.
URiveiro uthi kubasizile ukuba noChaine izolo.
“Uma sibhekene nama-penalty uyazi ukuthi kufanele abambe okungenani eyodwa,” kusho uRiveiro.
“Wenza kahle kuleso simo emdlalweni edlule esiye kuma-penalty kuyo, nanamhlanje wenze okufanayo. Ngiyamncoma benethimba labaqeqeshi bonozinto elimsizayo ngezinquno azithathayo.”
Ebuzwa ukuthi ucabangani ngegoli lokuqala likaMbokazi, lo mqeqeshi unqabile ukuphawula kakhulu ngalo ngoba akathandi ukugqamisa umdlali oyedwa ngemuva komdlalo. Usho kanje eqeda ukuphendula umbuzo ngoChaine.
“Ngijabule ngokufinyelela kuma semi-final, Angithandi ukukhuluma ngabadlali ngamunye…igoli lethu lokuqala livele kwisetpiece. UMbokazi ulibeke enethini…bekuyigoli elihle.”