Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uncome ithimba lakhe le-strength and conditioning ngokugcina abadlali besezingeni elihle emdlalweni weMTN8 neSuperSport United ophelele ku-extra time.

IBucs idlulele kuma-semifinals eMTN8 ngemuva kokuhlula iSuperSport ngo 3-1 ku-extra time e-Orlando Stadium ngoMgqibelo. 

Umdlalo ubuphele ngo 1-1 emizuzwini engu-90, kwasiza amagoli kaMonnapule Saleng no-Evidence Makgopa ku-extra time. 

“Sinethimba elijimisa abadlali elisebenza ngokuzikhandla. Kuyabonakala ukuthi mkhulu umsebenzi owenziwe eSpain ngesikhathi sikhempile. Sakwazi ukugcina umgqigqo emidlalweni emine esayidlala eSpain. Amaqembu esadlala nawo ayeqala amalungiselelo kodwa izinga laliphezulu. 

“Indlela esidlale ngayo ikhombisa ukuthi sizicije kahle ekhempini. Sizonyukelwa ukuzethemba njengoba sidlale neqembu elifana neSuperSport United emdlalweni wokuqala. 

“ISuperSport isebenzisa amandla uma kubangwa ibhola noma sekugijinywa enkundleni. Ngicabanga ukuthi umdlalo uphele singaphezulu kweSuperSport ngokwezinga le-conditioning,” kubeka uRiveiro ekhuluma nabezindaba sekuphele umdlalo.

URiveiro uthi ukungaxovi isikimu ngabadlali abasha kuzolisiza iqembu kulesizini.

“Siqale ngesikimu esadlala kowamanqamu weNedbank Cup. UTshegofatso Mabasa noRelebogile Mofokeng baqale umdlalo endaweni ka-Evidence Makgopa no-Innocent Maela.

“Indlela esenza ngayo izinto ikhombisa inqubekelaphambili. Abadlali abangu-20 esahamba nabo kowamanqamu baseyingxenye yeqembu. Kukhona nabadlali esibathengile abazosiza iqembu kulesizini. 

“Ngibona sisebenzisana kahle manje ngoba sesiqala isizini yesithathu sindawonye. Kunezinto ezinginyusela ithemba ngendlela esidlala ngayo. Abadlali abasha banentshisekelo yokudlala ngoba basezingeni eliphezulu. Bafuna ukuzibonakalisa eqenjini, bazolithola maduzane ithuba,” kuchaza uRiveiro.

URiveiro uthi kumphathe kabi ukubona ezakhe zishikiliswa yiSuperSport kusaqala umdlalo.

“Angiyithandanga indlela esiqale ngayo umdlalo. Besizokhishwa kusakhanya ukube iSuperSport ikwazile ukusebenzisa amathuba emizuzwini engu-15 yokuqala. Kufanele silungise lelophutha.

“Angijabuli uma singenelwa amagoli, sidedele igoli obekungamele lisingenele. Lomdlalo bekufanele uphele emizuzwini engu-90. Ngiyaqonda ukuthi akekho umdlali osezingeni lakhe kulesigaba sesizini, sizozama ukulungisa amaphutha esiwenzile,” kubeka uRiveiro.