Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro ukubize ngeshwa ukushaywa yiCape Town City ngo 1-0 koweBetway Premiership ngoLwesithathu ebusuku ngoba badlale ingcwenga yebhola.

IPirates ithole induku okwesibili kule sizini, nayo igilwe wuDarwin Gonzalez njengoba kwenzeke kwiKaizer Chiefs ngempelasonto edlule.

Lo mphumela ushiye iBucs ilandela iMamelodi Sundowns ngamaphuzu amathathu etafuleni leligi.

Ekhuluma ngemuva komdlalo, uRiveiro ukufanise nebhadi ukudliwa.

“Besibhekene namabhadi kulo mdlalo, uyibonile indlela abakore ngayo?” kubuza uRiveiro.

“Akuyona into evame ukwenzeka. Namhlanje sidlalise okwePirates. Sidlale ibhola lethu esaziwa ngalo.

“Kuneminye imidlalo esingadlalanga kahle kuyo kodwa sabuya namaphuzu, namhlanje akwenzekanga.

“Kufanele siqinisekise ukuthi sibuya naphelele emdlalweni olandelayo, usudlulile lo.”

URiveiro ukhala ngamashwa nje uKabelo Dlamini ushaye ipali kulo mdlalo, kanti noTito Maswanganyi ugeje ipenalty. Amanye amathuba eBucs agezwe wuDarren Keet obe wumdlali ovelele.

IBucs izobhekana neCR Belouizdad koweCAF Champions League ngeSonto ngo-3 ntambama e-Orlando Stadium. Uma iwunqoba lo mdlalo kuzofana nokuthi isizibekisele indawo esigabeni esilandelayo somqhudelwano.