Wonke amehlo azobe ethe njo kumqeqeshi we-Orlando Pirates omusha uJose Riveiro uma ezakhe sezidlala neSwallows FC emdlalweni weDSTV Premiership ngoMgqibelo.

URiveiro uthi iqembu lakhe selikulungele ukugaya imiphumela kulesizini.

Ekhuluma nabezindaba, uRiveiro uthe uchazekile ngezinga labadlali abafice eqenjini futhi ulindele amaphuzu amathathu emdlalweni weSwallows.

“Izinga labadlali liphezulu kakhulu, kunzima nakubaqeqeshi ukuthi bakhande iqembu. Ngibona liphezulu izinga lebhola eNingizimu Afrika. Siyazama nsukuzonke ukulungiselela umdlalo weSwallows,” kubeka lomqeqeshi.

URiveiro uthi akasiboni isidingo sokusayinisa abanye abadlali ngoba ugculisekile ngalabo asebabonile.

IBucs isayinise uBienvenu Eva Nga, Nkosinathi Sibisi, Thapelo Xoki, Miguel Timm no-Azola Matrose.

Umqeqeshi ubona seliqine ngokwanele iqembu lakhe.

“Ngijabule ngesikwati, ngisebenzisana nezikhulu kanye nabaqeqeshi ukuze sizokwenza izinqumo. Siyabazi abadlali abakhona, nalabo esizobasebenzisa eminyakeni ezayo. Ngijabule ngesikwati seqembu. Ngibona kugcwele ithalente, umsebenzi wethu ukuthola imiphumela,” kubeka uRiveiro.