Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro ugqamise ukubaluleka kukaMakhehleni Makhaula eqenjini lakhe obewumdlali ovelele beguqisa iTS Galaxy ngoLwesibili ebusuku.
ubeke amazwi akhuthazayo kuMakhehleni Makhaula akholwa ukuthi unendima enkulu ayidlalayo eqenjini kodwa engagqamile emehlweni abalandeli.
UMakhaula (35) uqokwe njengomdlali ovelele iBucs iqhubeka nefomu enhle kwiBetway Premiership kulandela ukuhlula iTS Galaxy ngo 2-0 eMbombela Stadium, ngoLwesibili.
Lomphumela uqhubeze irekhodi elihle leBucs esinqobe imidlalo eyisithupha ilandelana kwiligi.
AmaBhakaniya aqhwakele ngokunethezeka esicongweni njengoba esevule igebe lamaphuzu ayisithupha.
URiveiro uthi uMakhaula ungomunye wabadlali abashaya umsebenzi othule kwiBucs njengoba evikela izitobha.
“Ukuhlabana kukaMakhaula ngendondo kuveza igalelo lakhe. Lendondo ivamise ukunikezwa abagadli nabadlali abasondele ngasemapalini ezitha. Abadlali abavikela iqembu abajwayele ukuhlabana ngalendondo.
“UMakhaula udlala indima enkulu evimba kungangeni amagoli epalini lethu. Ubevikela izitobha namuhla, akujwayelekile ukuthi anconywe. Ngiyambongela ngoba ungumdlali obalulekile eqenjini,” kubeka uRiveiro ekhuluma nabeSuperSport TV.
URiveiro uqhube wathi abadlali kufanele bakulungele njalo ukudlala uma benikezwa isikimu.
UThabiso Monyane, obengene esikhaleni sikaDeano Van Rooyen olimale ngoLwesihlanu olwedlule, naye uphume esethintekile esiwombeni sesibili.
“Iligi ifana nomjaho, kufanele sizilindele izingqinamba esizobhekana nazo kweminye imidlalo. Umdlalo wanamuhla ubuphezulu ngokomgqigqo kusukela usaqala. Bekubangwa ibhola ngamandla, angimangali uma abadlali belimala. Ngiyethemba akalimele kakhulu (Monyane),” kubeka uRiveiro.