Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro ukhale ngokulahla kwezakhe ibhola ngesikhathi zibambana ngo 1-1 neStellenbosch FC.
IPirates ibihamba phambili ngegoli likaNkosinathi Sibisi ngaphambi kokuthi iStellies ibuye ngegoli elivalelwe wuJunior Mendieta esiwombeni sesibili. Lo mphumela ukhuphulele iBucs kunombolo 4 kwi-log, kodwa uRiveiro uzwakale engagculisekile ngokugcwele ngakubone kubadlali bakhe kodwa uwamukelile umphumela.
“Omabili amaqembu awakhile amathuba okunqoba umdlalo kodwa iStellenbosch iqale kangcono kunathi. Esiwombeni sokuqala bekunzima kakhulu, singakwazi ukuphuma kwingcendezi ebesingaphansi kwayo. Besilahla ibhola kakhulu, sagcina sesithola lo mphumela ke.
“Esiwombeni sesibili sidlale kangcono ngoba besikhululekile futhi singatatazeli. Sithe sisadlala kahle, bashaya igoli, kodwa ke ngibona kuwumphumela owufanele lo mdlalo,” usho kanje.
URiveiro uqale lo mdlalo ngezitobha ezintathu emuva; u-Innocent Mayela, Nkosinathi Sibisi no-Olisa Ndah, athe ugculisekile ngabo ngemuva komdlalo.