Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uthi ukungazithwali kwabadlali noma imiphumela ibavuna kumnyusela ithemba ngokufeza imibandela abayihubhayo kule sizini.

URiveiro ubeke kanje ngemuva komdlalo wezakhe zihlula AmaZulu ngo 2-1 koweBetway Premiership, e-Orlando Stadium, ngoLwesihlanu.

IBucs iqhubeke nefomu enhle kwiligi inqoba umdlalo wesihlanu kulandelana. Lomphumela uyibeke esicongweni namaphuzu angu-12.

Yize umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi egqamise ukuthi iPirates ijwayele ukubhajwa uma ibhekene namaqembu amancane, uRiveiro uthi ezakhe zishintshe ukwenza kulokhu. 

“Iqembu liyavuthwa manje. Abadlali bayakujabulela ukufela enkundleni, lokho kwehlisa umthwalo emahlombe abaqeqeshi.

“Abadlali bazibophezela emdlalweni ngamunye, angeke ubafice bekhuluma ngeChampions League ezodlalwa ngenyanga ezayo noma bedingida umdlalo omkhulu ozayo. Indaba imayelana nomdlalo olandelayo ejimini. 

“Abadlali bahlezi bekhuluma ngomdlalo ozayo noma asebebuya kuwo. Ngibona benezimpawu zokukhula beyiqembu, bayakwazi okufanele bakwenze ukuze iqembu lizophumelela. Nginyukelwa yithemba ngeqembu uma ngibona indlela abaqhuba ngayo,” kusho uRiveiro.

IBucs izotholana neTS Galaxy koweligi ozobanjelwa eMbombela Stadium, ngoLwesibili ebusuku.