Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uhlabeke umxhwele ngoMonnapule Saleng akholwa ukuthi ukhombisa ukubuyelwa yifomu yakhe yakudala selokhu amalungiselelo esizini ka-2024-25 abayivule ngokuqumba phansi iSuperSport United koweMTN8 ngoMgqibelo.

USaleng uqokwe njengomdlali ovelele beshaya iSuperSport ngo 3-1 kulomdlalo ophele nge-extra time e-Orlando Stadium. Lomgadli ushayele iBucs igoli lesibili, wakhanda eli-Olisah Ndah elibayise ekhefini behamba phambili ngo 1-0.

“USaleng ungcono kakhulu uma ngiqhathanisa nangesizini edlule. Ngimbona esebuyile ezingeni lakhe, ubezikhandla enkundleni. Namuhla usikhombisile ibhola lakhe, ozakwakhe basezingeni eliphezulu, lokho kuzomsiza kakhulu. 

“Udlale ibhola elihle namuhla, ubeyiphela endlebeni kwiSuperSport. Ngimbonile ukuthi naye ubejabule sekuphele umdlalo. Kuzomsiza kakhulu ukubuyisa ifomu yakhe kulesizini. 

“Besimdinga kweminye imidlalo ngesizini edlule, ngijabule ngebhola alidlale namuhla. Ungafunga ukuthi sekuphele isikhathi eside agcina ukuqokwa njengomdlali ovelele,” kubeka uRiveiro.

USaleng (26) wanqoba indondo yeDSTV Premiership Players’ Player of the Season ngesizini ka-2022/23. USaleng washaya amagoli angu-15, wakhandela ozakwakhe amagoli angu-11 kuleyosizini eyaphela enqobe iMTN8 neNedbank Cup. 

Izinto zibhimbile ngesizini edlule uSaleng eshaya amagoli amahlanu kuphela. Lomgadli ubesizwa ngendaba nesikimu ngesizini ka-2023/24 egqamise uPatrick Maswanganyi noRelebogile Mofokeng eqenjini elikhulu. 

IBucs, engabavikeli besicoco, izolinda ukuqhathwa kwamaqembu azotholana kuma-semifinals eMTN8.