Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uthi usehlalele ethembeni lokuthi abalandeli bazobuya ngobuningi babo ezinkundleni njengoba beshaye iSwallows ngo 1-0 kwiDSTV Premiership namuhla.
Igoli likaBienvenu Eva Nga ngesiwombe sokuqala belanele ukunikeza iBucs amaphuzu amathathu kwi-Original Soweto Derby ebibanjelwe e-Orlando Stadium.
“Kuyajabulisa ukunqoba, ngiyathemba ukuthi abalandeli sebezobuya ezinkundleni ngoba siyabadinga kakhulu. Kuhle ukudlala phambi kwabalandeli, ngijabule kakhulu.
Singadlala kangcono ukudlula namuhla, sihlulekile ukubamba umgqigqo womdlalo esiwombeni sesibili. Ngiyayibongela neSwallows ngoba idlale kahle sesibuya ekhefini. Kusithathe isikhathi eside ukubamba umdlalo esiwombeni sesibili.
Sizibonakalise kahle emizuzwini yokuqala emdlalweni.. Kufanele sijwayele ukuphatha umdlalo isikhathi eside. Ngijabule kakhulu ngomphumela kodwa kukhona izindawo ebesingashintsha kuzo, ikakhulukazi ukumaka emuva,” kubeka uRiveiro ecashunwa abeSuperSport TV.
URiveiro uncome unozinti uRichard Ofori ngokubasindisa endukwini.
“Womabili amaqembu awatholile amathuba. URichard usisizile evimba amabhola abeyingozi esiwombeni sesibili. Bekufanele sidlale kangcono esiwombeni sesibili. Besinawo amathuba okushaya amagoli esiwombeni sesibili, umdlalo ubuvulekile,” kubeka lomqeqeshi.