Umdlali waseBrazil okulindeleke ukuthi abe wumdlali ovelele kwiPSL kule sizini, uLucas Ribeiro Costa, usebale umdlalo abagqisha kuwo i-Orlando Pirates ngo 4-1 njengomdlalo ashaya kuwo into ecokeme ukudlula yonke eminye imidlalo kule sizini.
URibeiro kule sizini uzohamba nendondo yeGolden Boot ngemuva kokuvalela amagoli awu-16 emdlalweni ewu-27 kwiBetway Premiership. Ushaye ama-assist awu-9 kuyo lemidlalo yeligi.
Ekhuluma nomethuli wezinhlelo zemidlalo ohlonishwayo kuleli uRobert Marawa, uCosta ubuzwe ngomdlalo azibone edlale kahle ukudlula yonke eminye.
“Ngokubona kwami umdlalo wethgu nePirates. Ngashaya into ecokeme, ngavalela amagoli amabili, ngathiola ne-assist eyodwa,” kusho uRibeiro.
Lo mdlali engxoxweni yakhe noMarawa uveze ukuthi umqeqeshi iMiguel Cardoso wamazisa efika kuleli qembu ukuthi udlale kahle ngesizini edlule kodwa udinga ukukhuphula izinga lakhe.
“Umqeqeshi nozakwethu bebengiphusha ngasos sonke isikhathi ukuthi ngenze kangcono.”
Lo mdlali usangayenza ibe ngcono kakhulu le sizini ngokulekelela iSundowns inqobe isicoco sesibili seCAF Champions League. Izobhekana nePyramids FC emlenzeni wokuqala wefinal namhlanje.