Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokwena ubongele u-Arthur Zwane ngomsebenzi wakhe kwiKaizer Chiefs abayishaye ngo 4-0 namuhla eLoftus Stadium.
IDowns izigwazele ibhece kwiGlamour Boys, ibukisa ngayo ngamagoli amane yize izihambeli zifike nomfutho kulomdlalo.
UMokwena uncome uZwane ngendlela aseshintshe ngayo izinto kwiChiefs.
“Asikaze sizingabaze, Siyazi ukuthi indlela esidlala ngayo iyona edale ukuthi sihlulwe amahlandla amahlanu kuphela uma kuhlanganiswa kumasizini amabili adlule.
IChiefs inomqeqeshi owaziyo umsebenzi wakhe. U-Arthur wenza umsebenzi oncomekayo ngoba kunzima ukufundisa ibhola elisha eqenjini. Bekudingeka sinamathele uKhama ngoba uyena oqala ukufaka ingcindezi emuva.
Abadlali basezimpondweni baqhelile kancane, akufani kodwa nabeTS Galaxy. Kuyenzeka uthole umdlali wasesiswini ozofaka ingcindezi.
Bekuphoqa ukuthi sigade uKhama, silinde aqhele endleleni ukuze sizodlala sekuvuleke isikhala. Indlela esiqala ngayo ibhola ihlukile, uma unaka ukuthi izitha zicindezela kanjani,” kubeka uMokwena ecashunwa abeSuperSport TV.