USihlalo weTS Galaxy uTim Sukazi uqinisekise ukuthi uSead Ramovic uzoqhubeka nokuqeqesha kulandela ukubhuntsha kwezingxoxo neRaja Casablanca ebimshela.
URamovic unqatshelwe ukufika nethimba lakhe lamaphini amabili nomlolongi wonozinti, okuyisizathu esidale ukuthi angavumelani nabaphathi beRaja.
“Umqeqeshi ubenganeme ngezinto azibekelwe kwinkontileka, waqoka ukuhoxa ezingxoxweni. Sekuphelile ngendaba yeRaja, uzohlala enye isizini neqembu,” kubeka uSukazi.
Ebuzwa ngomqeqeshi wase-Europe obekulindelwe ukuthi avale isikhala sikaRamovic, uSukazi ubeke kanje:
“Umqeqeshi omusha ubezosijoyina uma uSead eqinisekiswa njengomqeqeshi weRaja. Izinto zishintshile ngoba umqeqeshi uzohlala eqenjini, lokho kuchaza ukuthi kuphelile ngesivumelwano ebesiseceleni.
“Kuyinto efanayo nakuBernard Parker obezoba yiphini kumqeqeshi omusha. Lowombandela usushintshile, uParker uzobuyela ekucijeni iqembu leDDC elekelelwe uVuyo Mere,” kubeka uSukazi ecashunwa abeSABC Sport.
URamovic ubekhona ebhentshini emdlalweni weMpumalanga Premier’s International Cup behlula i-Augsburg ngo 2-1 eMbombela Stadium ngoMgqibelo.
URamovic akayibambele igqubu iRaja emfake ekhoneni ngamaphini abewafuna
Umqeqeshi weTS Galaxy uSead Ramovic uthi usekudlulisile ukubhuntsha kwezingxoxo neRaja Casablanca egcine iqashe umqeqeshi omusha.
Ekhuluma nabezindaba ngemuva kokunqoba iMpumalanga Premier’s International Cup ngoMgqibelo, uRamovic udalule ukuthi iRaja inqabile ukumnikeza ilungelo lokusebenza namaphini amathathu abewafuna.
Lomqeqeshi, ongowokudabuka eSerbia, uthi ukuthembeka kumaphini akhe kuphoqe isinqumo sokuthi anqabe ukusayina
“IRaja Casablanca iyiqembu elikhulu nabalandeli abanentshisekelo. Ngiwumuntu othembekile. Kufanele ngizibophezele ngithembeke empilweni ngoba ngisebenzisana nabantu okufanele ngibacabangele. Ngilijabulele ithuba kodwa izimfuno zami bazishaye indiva,”
“Ngiyabadinga abalingani bami ukuze bezongisiza ngiphumelele. Angeke ngithathe umsebenzi ozophoqa ukuthi ngibashiye emuva, angiyena umuntu owenza ngaleyondlela. Ngiyifisela okuhle iRaja. Iyiqembu elihle, ngiyafisa iphinde inqobe iligi nenkomishi,” kubeka uRamovic.
URamovic uthi usegxilise umqondo kwiGalaxy ngoba ufuna bangene kwi-top 8 ngesizini ka-2024/25.
“Kufanele ngibuyise umqondo eqenjini, sizolwela ukungena kwi-top 8 nakulesizini. Kuzoba nzima ngoba sidayise abadlali abathathu, abasayine emaqenjini amakhulu kwiligi. Sizozama ukubheka abadlali kwinkulisa ukuze sizokhulisa iqembu, siqhubeke nokudlala ibhola elihle,” kuchaza uRamovic.