Umqeqeshi weTS Galaxy usaqhubeka nokungcofa obengumqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena kwabezindaba.

Ngesikhathi kwethulwa iMTN8 izolo uRamovic uphumele obala wathi umqeqeshi weStellenbosch uSteve Barker uyena obefanelwe ukuhlomula ngendebe kamqeqeshi ovelele ngesizini ka-2023/24.

IRockets ingelinye lamaqembu azobe ebanga iMTN8 kulesizini njengoba yaqeda endaweni yesithupha kwiligi ngesizini edlule. 

URulani wahlabana ngendondo yomqeqeshi ovelele kwazise iDowns iyona eyanqoba iligi ihlandla lesikhombisa kulandelana.

EzikaRamovic zizovakashela iStellies kwiquarterfinal ezodlalwa ngeSonto ntambama eDanie Craven Stadium. 

“Kuyangijabulisa ukuthi siyingxenye yeMTN8. Sizobhekana neqembu elisezingeni eliphezulu. Bekuhlezi kunzima uma sibhekene neStellies, umqeqeshi wabo ngimkhonzile. 

“Ngikholwa ukuthi wayefanelwe ukunqoba indondo enikezwa umqeqeshi ovelele. Uyancomeka umsebenzi awenza neqembu. Ngilindele umdlalo onzima kodwa simatasa nathi namalungiselelo, ngiyathemba sizowina kulomdlalo,” kubeka uRamovic kwabezindaba.

IGalaxy ineshobolo lokuvithizwa ngenduku uma ibhekene neStellenbosch. Lamaqembu atholana kowamanqamu weCarling Knockout Cup ngesizini edlule, kwawina iStellies ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi. 

Emidlalweni engu-12 kubhekene lamaqembu, iStellies sinqobe kwengu-9, emithathu yaphela zibambene.