UNobhala-Jikelele we-ANC kuzwelonke, uMnuz Fikile Mbalula, uthi sizophuma kuMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, isinqumo esiwujuqu ngoNgqongqoshe wezoBulungiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo uNksz Thembi Simelane osolwa ngokubandakanyeka kwinkohlakalo eyawisa ibhange iVBS Mutual.

USimelane ungaphansi kwenkulu ingcindezi njengoba amaqembu epolitiki emfuna eshenxile esikhundleni sokuba uNgqongqoshe. 

Ngokombiko owashicilelwa kwiNews24 neDaily Maverick, uSimelane wathatha isikweletu sika-R500,000 kulelibhange elingasasebenzi. 

Imibiko yeDaily Maverick neNews24 iveze ukuthi uSimelane wabolekwa u-R500,000 ngo-Okthoba wango-2016, wabe esethenga isitolo esidayisa ikhofi endaweni yomntakabani eSandton, eGauteng. 

“Udaba lukaNgqongqoshe uThembi Simelane lusaphenywa. UMengameli umcele ukuba aziphendulele kulezinsolo. Iqembu liyaqhubeka nokuphenya uSimelane, kukhona umbiko osuthunyelwe nakuMengameli,” kuchaza uMbalula obekhuluma esithangamini nabezindaba eBoksburg, Ekurhuleni, ngoMsombuluko. 

Lombiko uqhuba uthi uSimelane wayenguMeya kuMasipala wasePolokwane ngesikhathi ebolekwa lemali. Kubikwa ukuthi uSimelane wasebenzisa isikhundla sakhe sobuMeya exhasa lelibhange ngo-R349 million ngokungemthetho. 

Kuvela ukuthi uSimelane wasizwa inkampani iGundo Wealth Solutions, ebandakanyeka kwinkohlakalo eyawisa ibhange iVBS Mutual. Lenkampani iphethwe uRalliom Razwimane ogqigqa iNkantolo ngamacala okukhwabanisa nenkohlakalo.

UMbalula uthi uRamaphosa onelungelo lokuhoxisa uSimelane kwikhabhinethi. 

“UMengameli kuphela onegunya lokuthatha isinqumo ngoNgqongqoshe ngoba usenikeziwe nombiko ophelele. Siyaqonda ukuthi lezinsolo kungenzeka ziwuphazamjse umsebenzi wakhe njengoNgqongqoshe,” kubeka uMbalula. 

NgoLwesihlanu, uSimelane ubephendula imibuzo ePhalamende. Uvumile ukuthi imali wayiboleka waphinde wayikhokha yonke. 

USimelane ukuphikile ukuthi wanikezwa lemali ngenxa yogcobho kwazise ubenesikhundla esiphezulu kwiNational Prosecuting Authority (NPA).

Amalungu ePhalamende okubalwa kuwo uGlynnis Breytenbach weDemocratic Alliance noHeloise Denner weFF Plus, bebemfakela ingcindezi yokuthi ahoxe esikhundleni uSimelane. Udaba ludluliselwe kubammeli bePhalamende abasazolufakela izibuko.

UMbalula uthi ne-ANC seyanikezwa umbiko ophelele ngemali eyabolekwa uSimelane. Uveze ukuthi uNgqongqoshe uzovela phambi kwekhomishana yeqembu ephenya ubuqotho kubaholi.

“I-ANC iwutholile umbiko, uNgqongqoshe uzovela phambi kwekomishana yobuqotho, achaze kabanzi ngokwenzeka. Ikhomishana izobheka izimpendulo ngaphambi kokudlulisela iziphakamiso ekomidini likazwelonke,” kusho uMbalula.

UMbalula uthi i-ANC ibuphethe bonke ubufakazi ngemali eyabolekwa uSimelane. Uveze nokuthi abafuni ukumfakela ingcindezi uSimelane. 

“Sizolandela umhlahlandlela weqembu. Ilungu leqembu linelungelo lokuzivikela ngobufakazi nezimpendulo. Indaba isidlulele kuHulumeni, okuchaza ukuthi uMengameli uyena osezokhipha isinqumo ngoba usewutholile umbiko kuNgqongqoshe. I-ANC iwenzile umsebenzi ngokudlulisela uNgqongqoshe kwikhomishana yobuqotho,” kuchaza uMbalula.