UMengameli wakuleli uMnuz Cyril Ramaphosa, uthi awukavalwa umnyango emaqenjini ezepolitiki angathanda ukujoyina uhulumeni wokubambisana, inqobo nje uma ezolandela inqubomgomo yokusebenza kukahulumeni omusha.
URamaphosa usho lokhu ekhuluma nezintatheli ePhalamende ngoLwesihlanu.
“Iqembu elifuna ukuba yingxenye kahulumeni wokubambisana alingasabi ukuziveza. Kufanele bakubeke obala ukuthi bafuna ukujoyina iGNU ukuze sizolalela abakushoyo. Sizobheka ukuthi bayavumelana yini nenqubomgomo kahulumeni wokubambisana. Lenqubomgomo yengamele ukusebenza kukuhulumeni wokubambisana,” kubeka uRamaphosa.
Uphiko lwentsha lwe-ANC, lufuna i-Economic Freedom Fighters (EFF) ijoyine uhulumeni wokubambisana.
Ekuqaleni kwenyanga, uMengameli we-ANC Youth League uCollen Malatji wacela i-EFF ukuba ikudlele amathambo engqondo ukujoyina uhulumeni wokubambisana kulandela ukuhamba kukaFloyd Shivambu “obevimba ukuqalwa kwezingxoxo”.
“Samema amaqembu ahlukene ezingxoxweni zokubumba uhulumeni omusha, akekho owavalelwa ngaphandle. Ne-EFF yamenywa ezingxoxweni.
“Sizozama ukuyibizela ezingxoxweni i-EEF ngoba esehambile uShivambu obevimba izingxoxo ngenxa yokuzonda i-ANC. Sizoqala phansi izingxoxo ne-EFF njengoba uShivambu esejoyine iMK Party,” kusho uMalatji.
UNobhala-Jikelele weSACP uSolly Malatji wagxeka i-ANC ngokulaxaza i-EFF eceleniz ikhethe ukusebenzisana neDA neFF Plus kahulumeni wokubambisana.
URamaphosa uthi i-ANC ayikaze ivalele amanye amaqembu ngaphandle ezingxoxweni zikahulumeni wokubambisana.
“Amaqembu ezepolitiki angamukelanga ukujoyina uhulumeni wokubambisana awahlehlanga ngoba enqaba ukulandela inqubomgomo nokusebenzisana namanye amaqembu.”
“Kukhona amaqembu azama ukujoyina izingxoxo seziyela emaphethelweni. Ngaleso sikhathi sabe sesiqedile ngokwakha uhulumeni wokubambisana, saphelelwa yisikhathi nezikhala zokufaka amanye amaqembu. Amanye amaqembu ayingxenye kahulumeni wokubambisana eziShayamthetho. Siyakwamukela ukubona amaqembu esebenzisana kahle ngokuhlanganyela,” kubeka uRamaphosa.