Okhulumela umengameli Cyril Ramaphosa, uMnuz Vincent Magwenya usekuqinisekisile ukuthi umengameli useyiphendulile imibuzo yoMvikeli Womphakathi ngodaba lwasePhala Phala.
U-Adv Busisiwe Mkhwebane ngaphambi kokuthi amiswe emsebenzini wathumela uRamaphosa imibuzo ewu-31 mayelana ngokwenzeka epulazini lakhe iPhala Phala, eliseLimpopo, kulandela ukuvela kwezindaba zokuthi webelwa izigidi zamaDollar ase-U.S kulo kwavela nezinsolo zokuthi akawabikelanga amaphoyisa eSAPS ngaleli cala.
Amaqembu aphikisayo, okubalwa kuwo e-EFF, amfakele ingcindezi uRamaphosa ukuthi aphendule imibuzo kuleli sonto, njengoba umthetho wakuleli uthi kumele aphendule imibuzo yoMvikeli Womphakathi zingakapheli izinsuku eziwu-30. URamaphosa uke wazama ukucela ukuthi kwelulwe isikhathi kodwa lashaya phansi ngonyawo ihhovisi loMvikeli Womphakathi, laze lamsabisa ngamasamanisi.
Ekhuluma nabezindaba ngoLwesihlanu uthe uRamaphosa usephendulile waveza nokuthi besingekho isidingo sokusabisa ngamasamanisi ngoba ubesethembisile ukuthi uzophendula.
“Umengameli uyahambisa nophenyo oluqhubekayo. Esikuthembayo ukuthi uphenyo luzoshesha ukuze umengameli ezogxila ezintweni abhekene nazo,” kusho uMangwenya okuqinisekisile ukuthi uRamaphosa uphenya ama-Hawks noMvikeli Womphakathi.