INkantolo enkulu eningizimu neGauteng isinqume ukuthi umengameli wakuleli, uMnuz Cyril Ramaphosa, inkampani iLonmin kanye neSAPS bangakhombeka odabeni lokubulawa kwabavukuzi baseMarikana ngo-2012.
Noma inkantolo ingashongo ukuthi basecaleni ngokufa kwabavukuzi, ithole ukuthi likhona iqhaza abalidlala ekubulaweni kwalaba bavukuzi. Lokhu kuvele kumbiko weCity Press ngeSonto.
Ngesikhathi kuqubuka isiteleka sabasebenzi eLonmin ngo-2012, uRamaphosa wayengekho kuhulumeni, wayengusomabhizinisi, eyilungu lebhodi yaseLonmin, okuyimayini engaphansi kweSibanye Stillwater.
NgoDecember ngawo u-2012 uRamaphosa waba yiphini likamengameli kwi-ANC, uMnuz Jacob Zuma.
Abasebenzi abasinda kanye nemindeni yabavukuzi ababulawa bafuna isnxephezelo ngokwenzeka eMarikana.