Umlando omuhle wokusebenzisana nomqeqeshi uGavin Hunt yiwona odonsele uVincent Pule kwiSuperSport United, akholwa ukuthi izobuyisa ifomu yakhe yakudala.
UPule usayine inkontileka yonyaka owodwa kumaTsatsantsa a Pitori ngemuva kokudedelwa yi-Orlando Pirates ahlale kuyo amasizini ayisithupha.
UPule uxinwe ukulimala kumasizini amabili adlule, okuyinto eyenze kwanzima ukubuyela esikimini kwiPirates.
“Ngijabule ngokuba yingxenye yeqembu. Sengihlangane nabadlali abaningi engibaziyo, sengilindele ukuqala kwesizini entsha,” kusho uPule ekhuluma nabezindaba emcimbini wokwethulwa kwabaxhasi abasha i-ACDC ngoLwesibili eRandburg.
“Ngisebenzile nomqeqeshi uGavin ngaphambilini, lokho kuzongisiza ngijwayele ngokushesha. Umqeqeshi ufuna ukuwina izindebe, okuyindlela engicabanga ngayo nami njengomdlali. Ngibona ukuthi uzongisiza ngibuyelwe ukuzethemba,” kusho uPule.
UPule uthi izinkinga zokulimala seziphelile.
“Lesizini izoshisa kakhulu, sizolwela ukunqoba zonke izindebe ezikhona. Nginethemba lokuthi singakwazi ukuwina noma ezimbili izindebe.
“Ngixinwe ukulimala isikhathi eside kodwa izinto zishintshile selokhu ngifikile eqenjini. Ngijima ngomfutho womdlali oneminyaka engu-20. Umqeqeshi uGavin usebenza kanzima, ungumuntu ofuna ukuwina. Singabadlali kufuneka sizigqugquzele ngokulwela zonke izindebe ezikhona kulesizini,” kubeka uPule.
UPule usethubeni lokudlala koweMTN8 ongempelasonto njengoba ezakhe zizobhekana neBucs e-Orlando Stadium. UPule uthi ufuna ukusiza ezakhe ziwashise iBucs ijezi.
“Kubalulekile ukuthi singakhohlwa emdlalweni, umqeqeshi ulokhu eshumayela ukuthi asibambane siyiqembu. Umdlalo olandelayo uzoshuba, siwucijele siyiqembu. Sifuna ukunqoba nakanjani,” kubeka uPule.