UVincent Pule uthi bazobhema bakholwe abalandeli be-Orlando Pirates ngoba umqeqeshi omusha uJose Riveiro ufike nebhola elihle eliya phambili kuphela.

URiveiro omenyezelwe ekuqaleni kwenyanga, usemconywe idlanzana labadlali ngokuthanda ibhola elihlaselayo.

Njengoba isizini ka-2022/23 iqala emasontweni amabili, uPule uthi abadlali sebelifundile ibhola elifunwa uRiveiro.

“Umqeqeshi ufuna sidlale ibhola elihlaselayo, sesiyamqonda ukuthi ufuna sidlale kanjani.

Ufuna sidlale ibhola eluhle ukuze nabalandeli bezogcwala ezinkundleni bezobukela iqembu. Kuyabonakala ngisho ejimini ukuthi ufuna sidlale ibhola elihle, usebenza ngokuzikhandla ukuze sizoqonda ibhola alifunayo,” kubeka uPule ekhuluma nabezindaba.

UPule (30) useluleme ngokugcwele kwazise isizini ka-2021/22 iphele elimele. Uthi bazama ukuqinisa ekubeni bukhali phambi kwamapali njengoba kuzoqala isizini entsha.

“Kufanele sinyuse izinga phambi kwamapali ngoba besihluleka ukushaya amagoli ngesizini eyedlule yize sikhande inqwaba yamathuba. Kufanele siqedele amathuba kulesizini ngoba siyakwazi ukukhanda amathuba okushaya amagoli.

Ngihlela ukuqala isizini ngaphandle kokuphazamiswa ukulimala. Ngifuna ukuba yilungu elibalulekile esikwatini. Ngifuna sinqobe izindebe ezimbili kulesizini ngoba siyiqembu elilwela ukunqoba izindebe.

Kuzojabula abantu abaningi uma singanqoba izindebe ezimbili. Sengiluleme ngokugcwele manje, ngimatasa namalungiselelo esizini entsha, ngifuna ukuyiqala ngegiya eliphezulu.

Ngijwayele nokujima ngedwa ukuze kuzofika isizini entsha sengilungile,” kubeka uPule.