Umqeqeshi waseGibhithe uMohamed Omar usola uPitso Mosimane ngokufaka esikimini uPercy Tau benoLuis Miquissone ngisho isidingo singekho.
UPitso ushiye kwi-Al Ahly ngesonto eledlule ngemuva kwezinyanga ezinhlanu eyibambe kuleliqembu.
Njengoba kunezinkulumo ngempumelelo yakhe neqembu, owayengumqeqeshi we-Al Masry ne-Al Ittihad u-Omar uthi uPitso uzigwaze yena ngokuqoka izintandokazi zakhe emidlalweni abahluleke ukuyinqoba.
U-Omar ungomunye wabaqeqeshi baseGibhithe abekade bemgxeka uPitso.
“UPercy Tau ungumdlali osezingeni kodwa uMiquissone akadlali ezingeni eliphezulu. Yize kunjalo, uPitso uyamnikeza ijezi.
UPitso ubengafuni ukunikeza abanye abadlali amathuba njengoHossam Hassan, lokho akubukeki kahle,” kubeka lomqeqeshi ecashunwa abeKingfut.