Umqeqeshi we-Al Ahly uPitso Mosimane uthi uyalithemba iqembu elibhekene nomqansa wokushayela iWydad Casablanca esibayeni sayo emdlalweni wamanqamu weCAF Champions League kusasa.

Umdlalo uzoqala ngo-21:00 ebusuku eStade Mohamed V Stadium, eMorocco.

UPitso usethubeni lokuba umqeqeshi wokuqala we-Ahly osenqobe iChampions League amahlandla amathathu kulandelana.

Ukubekwa komdlalo wamanqamu eMorocco kuzonyusa isibalo sabalandeli beWydad okulindeleke ukuthi bagcwale ngendawo.

UPitso uthi akananxa neMorocco, kunalokho ufuna ukubuyela neChampions League eGibhithe.

“IMorocco ingiphathe kahle, angiqali ukufika kulelizwe. Ngingomunye wabaqeqeshi abane abamenyelwe ukuzofunda iziqu zeCAF Pro License eRabat. Ngifuna kanye noWalid Regragui ohleli eduzane nami aphinde angitolikele, ukhona nomqeqeshi weRaja Casablanca ebemgibhekene naye. Sengikubone konke kulelizwe, sengibuya ngisho eSale.

Ngizizwa ngisekhaya eMorocco. Umdlalo uzohluka kakhulu, kodwa ngijabule ngokuba seMorocco. Anginayo inkinga neMorocco, size emdlalweni kuphela. Sifike nabantu baseCairo, sifuna ukuzowina,” kubeka uPitso ekhuluma esithangamini sabezindaba.

I-Al Ahly iyaxhugela njengoba ilinyalelwe abadlali abamqoka okukhona kubo I Injini zesisu uHamdy Fathy no-El Soleya.

“Ngebhadi asiwinanga kulenkundla sibhekene neRaja Casablanca. Izinto zazizohluka ukube asiyigejanga iphenathi. Sizodlala, asicabangi okunye. Siyakholwa ukuthi sizowina, siyi-Al Ahly, sizodlalela ukuwina, uzozibonela.

Angeke siwine kalula, kuzoba nzima njengoba kwashuba sibhekene neRaja Casablanca. Siyiqembu eliqinile, sizodlala okwesithathu emdlalweni wamanqamu, kufanele usihloniphe. Kufanele uqaphe uma ubhekene ne-Ahly.

Siyiqembu elikhulu. IWydad nayo iyiqembu elikhulu, inomlando owaziwayo. Asikhohliwe ukuthi sizodlala neWydad esibayeni sayo. Sesifikile, i-Al Ahly idlala yonke indawo,” kubeka uPitso.