UMoira Thlagale oyimenenja kaPitso Mosimane usechithe amahebezi akhomba lomqeqeshi emazweni aseGulf, wadalula ukuthi kukhona amaqembu amathathu kwiDSTV Premiership asekhulume naye.

UMosimane ucele ukukhululwa kwi-Ahly ngoMsombuluko, okuyizindaba ezithuse abathandi bebhola abaningi e-Afrika.

UPitso usemataniswa namaqembu aseQatar amabili kanye nelaseSaudi Arabia. Kuvela nokuthi uPitso uyinyama eMorocco.

UThlagale uveze ukuthi uPitso akanaso isivumelwano
nelinye iqembu, yize ucingo lwakhe lukhala njalo.

“Ngithole izingcingo eziningi izolo ezivela emaqenjini aseNingizimu Afrika, namanye okungamaqembu angaphandle. Lamaqembu azimisele ngokuqasha umqeqeshi uPitso kodwa kubalulekile ukuthi ngiphebeze amahebezi ngoba alikho iqembu esesivumelene nalo.

Amaqembu amathathu awaseNingizimu Afrika, amanye awaphesheya kwezilwandle. Alikho iqembu esesiqinise kulo ezingxoxweni. Amanye amaqembu afonele ukuqinisekisa ukuthi umqeqeshi usulile ngempela esikhundleni.

Kunabezindaba asebebika ukuthi umqeqeshi usayine neqembu elisha. Lokho kungamampunge,” kubeka uThlagale ekhuluma nabeTimesLive.

UThlagale uthe umqeqeshi uPitso kanye nethimba lakhe abawuswele umsebenzi ngoba asevelile amaqembu azimisele ngabo. Uthe bazothatha isikhathi baxoxisane namaqembu afuna umqeqeshi.

“Sizobheka amaqembu afuna umqeqeshi ezinsukwini ezilandelayo. Maningi amaqembu afuna uPitso kodwa alikho esesisayine nalo. Sizobheka iqembu elifanele umqeqeshi kodwa okwamanje sisalungiselela ukuyoshawa umoya emakhaya.

Ngizokhuluma namaqembu afuna umqeqeshi, ngibheke okuyilona elimlumgele. Sizobheka isisombululo esihle,” Kubeka lemenenja.