Umqeqeshi we-Al Ahly uPitso Mosimane udlulise umyalezo kwizikhulu zeConfederation of African Football (CAF), ebhuqa ngesinqumo sokusingathwa komdlalo wamanqamu weCAF Champions League eMorocco.

UPitso ubekhuluma ngemuva komdlalo abahlulwe kuwo ngo 2-0 yiWydad Casablanca ebidlalela esibayeni sayo iStade Mohamed V Stadium. I-Ahly iphunyukwe yithuba lokuphakamisa iChampions League ihlandla lesithathu.

Iqembu likaPitso beliwuphethe umdlalo ezikhathini eziningi kodwa umehluko kube ubukhali beWydad phambi kwamapali. Abalandeli beWydad bebegxishile enkundleni, kungekho nesikhala sokubhodla ngokhalo.

UPitso uphendule sakubhuqa esekhuluma nabezindaba sekuphele umdlalo.

“Siwatholile amathuba, uPercy uthole ithuba esebhekene nonozinti. Izinto bezizohluka kakhulu ukube ulishayile igoli. UMohamed Sherif uthole elakhe ithuba, ubuzobonakala umehluko ukube ulisebenzisile.

Ngiyajabula ngoba silidlalile ibhola esilijwayele. Angeke ngithi kuhlulwe iqembu elingcono ngoba iqembu eliwinayo yilona elisuke lidlale kahle.

Sidlalele enkundleni engachemile nabalandeli bethu belingana. Ibhola linjalo, abantu abathathe isinqumo sokusingatha umdlalo bakutholile abakufunayo. Sizploqhubekela phambili,” kubeka uPitso.

Bekuyihlandla lesithathu uPitso ehlulwa kowamanqamu selokhu aqala ukuqeqesha. Washaywa iBidvest Wits ngo-2016 kwiTelkom Knockout easqeqesha iMamelodi Sundowns. Kwalandela iTala’ea El Gaish eyashaya i-Al Ahly kwi-Egyptian Super Cup sekukhahlelwa amaphenathi ngo-2021.