Umqeqeshi webhola ohlonishwayo e-Africa, uPitso Mosimane, usememezele ukuthi uzovula isikole sakhe sebhola kulo nyaka esizobizwa ngePitso Mosimane Soccer Schools. 

Okwamanje akukacaci ukuthi lesi sikole (noma izikole) sizovulwa kusiphi isifundazwe kuqala kodwa sekunesikhathi uPitso esebenzela phezu kwaso.

“IPitso Mosimane Soccer Schools iyingxenye yomsebenzi kaPitso wokungagcini nje ngokukhulisa abadlali kodwa afake isandla nasekukhuliseni ibhola lakuleli libuyele kwizinga elalikulo, lizuze nokunye okusha,: kusho uMoira Tlhagale owumqondisi weMT Sports Marketing and Management esitatimendeni. 

Isitatimende siqhuba sithi bahlose ukufundisa abadlali indlela yokuziphatha enkundleni nasemphakathini. 

“Umdlali esifuna ukumpheka uzoqina kwezemfundo, emphakathini kanye nasekudlaleni ibhola.” 

IPMSS izokwenza lokhu ngokuqinisekisa ukuthi iqasha abaqeqeshi abasezingeni elifanele abazohambisana necebo lokukhulisa abadlali ngendlela ephephile.