Umqeqeshi weRichards Bay FC uPitso Dladla uthi ujabule ngendlela abadlale ngayo bebhekene neMarumo Gallants koweDStv Premiership.

INatal Rich Boyz iqhwakele kwi-log ye-#DStvPrem kulandela ukuqoqa amaphuzu amane emdlalweni emibili. Umdlalo wangoLwesibili ntambama uphele ngo 0-0. Kulo mdlalo iBay iphume namashodi amane ababheke kunozinti weGallants, ekwaze ukushayela unozinti weBay kanye umdlalo wonke.

“Ngiyambongela u-Arubi ngoba ngicabanga ukuthi ube wumdlali ovelele, uyena obe wumehluko esiwombeni sokuqala. Besazi sizowathola amathuba okunqoba kulo mdlalo, yikho ngithe asibayeke baphathe ibhola uma sisaqala, ukuze sihlasele ngokuzuma. Ngijabule ngamathuba esiwakhile nangendlela esivikele ngayo unozinti.

“Siphume nenye iclean sheet kodwa kumele sifunde ukunqoba imidlalo ngo 1-0 okungenani,” usho kanje.

UDladla uthi ngaphambi kokuthi iphele isizini ka-2021/2022 bahlala phansi badingida izindawo okumele baqinise kuzo.

“Sisayinise kahle kodwa besingazi ukuthi kuzoba nabadlali abazolimala. ULuvuyo Memela usadinga isikhathi ngoba akaziqeqeshanga neqembu lilungiselela isizini entsha kodwa uzongena maduze,” usho kanje.