Umqeqeshi we-Al Ahly uPitso Mosimane uthi yize uHugo Broos kwiBafana Bafana, kukhona okungamphathi kahle okwenziwa yilomqeqeshi.

UPitso ubememe abezindaba ezokhuluma ngempumelelo yakhe nezinhlelo zakhe zangomuso.

UPitso ube esethinta udaba lukaPercy Tau obizelwe esikwatini seBafana. UBroos uthi uTau kufanele athole ukwelulekwa kwengqondo njengoba iqembu lakhe lihlulwe yiWydad Casablanca kowamanqamu weCAF Champions League.

UJingles uthi uyazama ukuziqhelelanisa nezinkulumo zikaBroos ezihlabayo kodwa sekunezikhathi ehluleka ukuzibamba ngenxa yalomqeqeshi.

“Ngiyaziqhelelanisa, angikaze ngikhulume ngoHugo Broos. Angikhumbuli ngikhuluma ngaye. Angifuni ukubukeka njengomuntu onenhliziyo embi. Kuzobonakala sengathi nginomona ngoba angiphumelelanga kwiBafana, sengibona kungcono ukugxeka abaqeqeshi besikwati.

Angifuni ukwenza lokho. Ngiyaqhela. Angikaze ngiphawule ngisho kusekhona uBra Shakes Mashaba. Ngazithulela ngisho sekunoGordon Igesund. Angikhumbuli ngigxeka umqeqeshi weBafana ngoba ngiyabazi ubunzima nokuhlala kuleso sikhundla. Ngisuka khona.

UBroos uzikhulumile izinto ezingicasulile. Ngiyabazi abanye abaqeqeshi baseMzansi abamthandi uBroos ngenxa yokuziphatha kwakhe. Akakhulumi nabaqeqeshi, akayithi vu eyabadlali abalimele noma indlela ekujinywa ngayo ekhempini,” kubeka uPitso.

UJingles uthi ukungakhulumi ngendlela efanele okwenziwa uBroos sekumdonsele amazinyo abushelelezi kubantu abaningi.

“Ngafunda ukuthi uRulani wayengajabule ngabadlali ababuya belimele, akabiki lutho uBroos. NoMandla Ncikazi wayekhala, kuningi okwenzekalayo phakathi kukamqeqeshi weqembu lesizwe nabaqeqeshi bamaqembu akuDSTV Premiership.

Sithenge uPercy Tau elimele ekubeni wayesuka eqenjini lesizwe. Angikhumbuli ngithola umbiko kuBroos. Ngangifuna ukwazi ukuthi ulimale kanjani, kuphi nendawo emzimbeni.

Angikhumbuli ekhuluma nami, angifunanga ukuphawula noBroos. Ngiyamhlonipha, wanqoba i-AFCON neCameroon futhi uyinkakha engumdlali webhola eBelgium. Ngiyamhlonipha ngalokho.

Ngizibukela ngikude. Wakhuluma ethi uPercy udinga izinyanga ezine engalithinti ibhola, kodwa mina ngimdinga. Kulungile ungumqeqeshi wethu, simqokile, asimeseke ngoba usazohlala iminyaka eyisithupha kwiBafana, asilinde,” kusho uPitso.

UPitso uthi iBafana kufanele ingene kwi-AFCON 2023 njengoba iZimbabwe ihoxisiwe kuGroup K.

“Ngicabanga ukuthi sizongena kwiCup of Nations. Angeke bahlulwe ukushaya iLiberia, kufanele sishaye iLiberia kuphela. Amaqembu mathathu kuphela, khohlwa ngeMorocco ngoba izoshaya iLiberia ekhaya nasekuhambeni.

Asishaye iLiberia ekhaya, sizame ukungahlulwa ekuhambeni, sizodlula uma senze njalo. Kufanele siwine kanye, sidlale ngokulingana komunye umdlalo ukuze sizongena kwiCup of Nations. Sesifikile e-Ivory Coast. UHugo Broos angeke abeke izaba,” kusho uPitso.