Umqeqeshi we-Al Ahly uPitso Mosimane uthi ukuhambela amazwe ahlukene emidlalweni yeCAF Champions League kuyalikhathaza iqembu lakhe.
Ukhulume kanje ngemuva komunye umphumela ongagculisi bedlala ngokulingana neNational Bank of Egypt kwiligi. Umdlalo uphele ngo 0-0 e-Arab Contractors Stadium.
Bekuwumdlalo wesine kulandelana i-Ahly Ihluleka ukunqoba kwiligi.
“Sinombandela wokunqoba imidlalo. Kuyakhathaza ukudlala uma ubuya ezweni langaphandle ngoba undiza isikhathi eside. Kunzima nokuhlelela imidlalo ngoba kufanele uphumule. Kuyafika esigabeni sokushodelwa abadlali abalimele.
Yize ezikaPitso beziwuphethe umdlalo, zashayela nepali amahlandla angu-17, igoli azilitholanga. Kuyimanje i-Al Ahly isele ngamaphuzu ayisikhombisa kwiZamalek ehleli esicongweni. I-Ahly inemidlalo emine esandleni.
“U-Abdelkader (Ahmed) uhlulekile namuhla. Kuyingxenye yomdlalo lokho, angeke ngikhalaze. Sesijwayele, amaqembu esidlale nawo ayaphumula ngokwanele. Nathi siwagejile amathuba, uSherif bekufanele ashaye igoli. Akulungi uma uhluleka ukusebenzisa amathuba. Sizamile kodwa.
U-El Shenawy ulimele naye, besingeke sivele simkhiphe. Sesilinde umbiko kanompempe. UMaaloul naye ukhale ngokuthi tea uDieng, Hamdy noSolia balimele. UTaher uthi ulimele, angazi ngizokwenzenjani.
Ngizamile ukushintsha iqembu, ngafaka abadlali abangajwayele ukudlala kwangalunga. Ngiqalise uSherif, Wahid, Rabia no-Afsha. Angeke ngithambise isikimu kuma-semifinals. Uma ngikhishwa, uzokhuluma okunye angithi?” kusho lomqeqeshi.