Inkakha yeBafana Bafana uBenni McCarthy uthi angaligxumela ithuba lokuqeqesha iKaizer Chiefs noma i-Orlando Pirates uma livela.
UBenni uthi akalambile ngaleyondlela kodwa ukuthatha umsebenzi kwelinye lamaqembu kungamfaka enkingeni ngoba useke wadlalela iPirates ngaphambilini, kodwa wakhula engumlandeli weChiefs.
IGlamour Boys neBucs babhekene nenkinga ekutholeni abaqeqeshi. IChiefs iqashe u-Arthur Zwane noDillon Sheppard esikhundleni sokuqeqesha okwesikhashana. IBucs yona ilolongwa uMandla Ncikazi noFadlu Davids abambisene.
Ekhuluma nabezindaba emcimbini weHeineken All Invitational ngoLwesihlanu, uBenni uthe ukulungele ukujoyina elinye kulamaqembu uma bezimisele ngaye.
“Kungamampunge nje. Amanye amaphephandaba abhala amanga, kodwa ngiyaqonda ukudinwa kwabalandeli. IChiefs iyiqembu elikhulu, kufanele ngabe balwisana neSundowns namanye amaqembu kwiligi. Nayo iPirates inkulu kodwa izinto azivumi.
Ngiyathemba womabili amaqembu azama ukulungisa izinkinga ukuze ezobuya ngamandla ngesizini ezayo, ancintisane neSundowns,” kusho uBenni.
UBenni usahleli ekhaya okwamanje ngemuva kokuxoshwa AmaZulu ngoMashi. Uthi alikho iqembu eselike laxhumana naye.
“Alikho iqembu eselixhumane nami. Kuzobonakala, lilodwa iqembu engilidlalelile, elinye bengililandela ngisakhula. Ubani onganqaba ukuqeqesha lamaqembu? Mhlampe uPep Guardiola, Carlo Ancelotti noJose Mourinho.
Abaqeqeshi abaningi bangagxuma behlale uma bethola ithuba lokulolonga iChiefs noma iPirates. Angeke ubalindise, nami ngingaphendula ngokushesha. Nginezami izifiso, uma ithuba elifana naleli livela, ngingalithatha,” kusho lomqeqeshi.
Eminyakeni emihlanu engumqeqeshi, uBenni usenqobe iMTN 8 neCape Town City, wafaka Usuthu kwiCAF Champions League ngemuva kokuqeda endaweni yesibili kwiligi.