Umqeqeshi weChelsea uThomas Tuchel uphikile ukuthi ubejezisa abadlali bakhe ngokubabizela ejimini ngosuku lwangeSonto obekufanele kube olwekhefu.

Kuvela ukuthi izinto azihambi kahle phakathi kwabadlali beqembu, nomphumela ka 2-2 bebhekene neWolverhampton Wanderers ushubise isimo kuleliqembu elihlaselwe ifomu yokubhacaza kulezinsuku. IChelsea bayibambe isiyoshona ingenelwa amagoli amabili emizuzwini engu-12 yokugcina yize ibihamba phambili ngo 2-0.

NgoLwesithathu, iChelsea izodlala neLeeds United ngaphambi kokulibangisa eWembley ngeSonto njengoba bezogijimisana kowamanqamu neLiverpool.

Ngesizathu sokubona ukubaluleka kwesonto, uTuchel ubone kungcono balunqamule usuku lokungasebenzi ukuze iqembu lizobumbana.

“Besihlele ukukhululeka ngosuku olulandelayo kodwa saphoxeka emdlalweni weWolves. Bengingahlosile ukujezisa abadlali. Mhlampe bakhona ababona ukuthi ngiyabajezisa kodwa akulona iqiniso lelo. Bekungafanele sikhululeke ngeSonto. Ngabachazela ukuthi kubalulekile ukuthi sibumbane sixoxe ngomdlalo. Wonke umuntu unombolo wakhe,” kusho uTuchel ekhuluma nabezindaba.

Uthe iChelsea ayiqinisanga ejimini ngoba yayikhahlela ibhola kuphela, kuxoxwa nangesitayela sokudlala emidlalweni ezayo. UTuchel uthi umsebenzi wakhe uya ngokunyukela njengoba isilungisiwe indaba yabaphathi abasha.

Lomqeqeshi uthe ukufika kukaTodd Boehly njengomphathi omusha kumbuyisela ithemba kodwa ubengakaze akhulume naye okwamanje.

Ebuzwa ngobunzima bokudayiswa kweqembu, uTuchel ubeke kanje.

“Bekunzima impela. Angeke ngicashe ngoba kusiphazamisile. Abadlali bafuna ukuncintisana, bafuna ukwazi izinhlelo zesizini ezayo. UToni (Antonio Rudiger) useqoke ukushintsha iqembu. Kunzima njalo ngosuku.

Kube nomthelela ezintweni eziningi kodwa asililahlile ithemba ekutheni sifinyelela kwizinga lokuncintisana namanye amaqembu. Angicashi kodwa ngibeka isizathu,” kusho uTuchel.