U-Ivan Perisic uveze ukuthi isikhathi sesiyamphelela kwi-Inter Milan njengoba inkontileka yakhe ingeluliwe yize sekuzophela isizini.

UPerisic ushaye amagoli amabili emdlalweni wamanqamu weCopa Italia beshaya iJuventus ngo 4-2. Womabili amagoli kaPerisic angene nge-extra time.

Uma lomdlali egcina eshiyile, uzohamba esize iqembu liqeda ngeshobolo leminyaka engu-11 lingayinqobi iCopa Italia.

Kuyiwe ekhefini i-Inter ihamba phambili ngegoli likaNicolo Barella. IJuventus inyuse umoya esiwombeni sesibili ishaya amagoli amabili aqhamuke no-Alvaro Morata noDusan Vlahovic.

UHakan Calhanoglu uvalele enethini iphenathi ngomzuzu ka-80, kwayiwa kwi-extra-time. Ukuqala kwe-extra time kunikeze uPerisic ithuba lokuchanasa. Uqale ngokuvalela iphenathi, walandela ngengcwenga yegoli eliqede umdlalo.

Njengoba inkontileka yakhe iphela ngenyanga ezayo, uPerisic ukuvezile kancane ukuthi uyashiya kuleliqembu.

“Angazi ukuthi kuzokwenzekalani. Abadlali ababalulekile bayanakwa, iqembu alilindi ukuphela kwesizini,” kusho uPerisic ekhuluma nabeMediaset.

Lomdlali usanelinye ithuba lokuqukula indebe kwiNerazzuri. I-Inter isekhona embangweni weligi njengoba sekusele imidlalo emibili kugoqwe isizini yeSeria A. Isele ngemuva ngamaphuzu amabili kwi-AC Milan ehleli esicongweni.

“Ngikholwa ukuthi sizoyiwina iligi. Kufanele siqhubeke, sisalelwe imidlalo emibili okumele siyilwele. Kungenzeka noma yini ebholeni,” kubeka uPerisic.