U-Ayanda Patosi uthi amahebezi amkhomba kwiKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates ashaywa eceleni kakhulu.
UPatosi kudala emataniswa nezinkunzi zaseGauteng kodwa akukaze kwalunga njengoba sewabuyela phesheya kwezilwandle.
UPatosi useyibamba kwiFoolad Khuzestan edlala esigabeni esiphezulu e-Iran iPersian Gulf Pro. Useshaye amagoli ayisithupha, wakhanda amane emidlalweni engu-26 kulesizini.
Ekhuluma neSibonelo FM, uPatosi uyaphika ukuthi wathintwa yiChiefs nePirates kodwa usola umuntu thizeni owamkhuluma kabi kulamaqembu. Uthi uyamazi lomuntu kodwa angeke amgagule ngegama.
“Akhona amaqembu angifunayo kodwa angeke ngikhulume okuningi. Iqembu lami lijabule ngami, nami ngijabule. Ayekhona amahebezi eChiefs nePirates kodwa angikaze ngibuze lutho. Izinto zavele zathula ngoba kunabantu abangikhuluma kabi, angeke ngigxile lapho. Ngiyazi ukhona owangikhuluma kabi.
IChiefs nePirates abakhulumanga nami, ngiyazi ukuthi kunomuntu owangikhuluma kabi. Ngiyamazi negama lakhe,” kuchaza uPatosi.
UPatosi uthi usafuna ukudlalela iqembu elilodwa phakathi kweChiefs nePirates njengoba kwakuyiphupho lakhe esakhula.
Uthi akasithathile isinqumo ngokuhlala eKhuzestan kodwa engabuya kwiPSL uma kukhona iqembu elizimisele ngokumkhokhela imali ayifunayo.
“Ngakhula ngifisa ukudlalela iChiefs noma iPirates. Ngingathanda ukudlalela elilodwa iqembu uma kwenzeka. Anginayo isiqinisekiso ngokuhlala e-Iran, ngiyafuna ukuhamba. Ngikulungele ukudlala kwiPSL uma ngizothola imali edalula engiyihola e-Iran,” kusho uPatosi.