UBernard Parker ukhala ngabalandeli beKaizer Chiefs abamhlale entanyeni bemgxeka ngokuboza kweqembu.
UParker ubekhuluma emsakazweni iGagasi FM, wathinta ngokushiya kwakhe eNaturena.
UDie Hond uhlale iminyaka engu-11 kwiChiefs kwazise ufike ngo-2011 esuka kwiFC Twente yaseHolland. Inkontileka yakhe izophela ngomhlaka 30 Juni, iqembu liqoke ukungayivuseleli.
UParker uzokhunjulwa njengomdlali obezimisela kakhulu enkundleni, ogcine esezakhela irekhodi lokuba umshayimagoli ohamba phambili emlandweni weChiefs kwiPSL.
Yize ehlale isikhathi eside eNaturena, uParker ubebuye anuke manambama kubalandeli beqembu abebemsola ngokushaya udaka. Ukugxekwa abalandeli kuphoqe lomdlali ukuthi ayeke ukusebenzisa izinkundla zokuxhumana ngoba esindelwa ingcindezi.
Uphinde wabonga imenenja yakhe uMike Makaab ngokumvikela uma egxekwa.
“Abalandeli bebegxeka mina kakhulu ngesikhathi iqembu libhacaza. Babekhona mina. Ngangifunda imibhalo yabantu benginameka kabi, kwangiphoa ukuthi ngiyeke ukusebenzisa izinkundla zokuxhumana.
Ngigcine sengiyekile nokufunda izindaba ukuze ngizoqhubeka nokudlala ngaphandle kokuphazamiseka. Ngiyabonga kumndeni wami, abangani kanye nemenenja yami uMakaab abangivikelile. Ngijwayele ukuzwa ukuthi uyangivikela uMakaab, abantu bebengikhombisa imiyalezo. Ngiyabonga kuMakaab ngokungivikela,” kubeka uParker.
UMakaab uveze ukuthi basaxoxisana neChiefs ngodaba lokutholela uParker umsebenzi kwinkulisa yeqembu. Wathembisa ukuthi kuzocaca ngekusasa likaParker emasontweni amabili azayo.