Umqeqeshi obambile kwiSwallows FC uMusa Nyatama ubonge ukuzinikela okuphindiwe kubadlali yize beshaywe yi-Orlando Pirates ngo 1-0 emdlalweni weDSTV Premiership namuhla emini.

Igoli likaBienvenu Eva Nga ngomzuzu weshumi yilona elihlukanise lomdlalo obubanjelwe e-Orlando Stadium.

UNyatama uthi yize umphumela ungabavunanga, usaziqhenya ngokuzinikela kwabadlali.

“Akusiwo umphumela ebesiwufuna kodwa ngiyaziqhenya ngabadlali. Balwile kulomdlalo, ikakhulukazi esiwombeni sesibili. Sishaye udaka esiwombeni sokuqala kodwa besifika phambili. Ngiyaziqhenya kakhulu ngabo.

Sihlulekile ukumaka uKabelo Dlamini noThembinkosi Lorch abekade bedlala phambili. Kusize uBafana (Tlakusani Mthethwa) esiwombeni sesibili, ebafakela ingcindezi.

Sikwazile ukukhanda amathuba ambalwa esiwombeni sesibili, uPatjie uyeke ukukhahlela esethole ithuba,” kubeka uNyatama ekhuluma nabeSupersport TV.

Kusale kancane iSwallows ithole iphenathi esiwombeni sesibili njengoba bekubukeka sengathi uTshediso Patjie udlalwe kabi uNkosinathi Sibisi.

UNyatama uthi uzosibheka kabusha lesigameko.

“Ngizophinde ngisibheke lesigameko. Angibonanga kahle, kodwa ngizobheka futhi. Kufanele afunde uPatjie ukuthi kuyakhahlelwa ebhokisini,” kubeka uNyatama.