Umdlali weSwallows uThandani Ntshumayelo ukhuza abadlali bebhola kuleli ngobudlabha bokuxhaphaza imali uma sebefike esigabeni esikhokhelayo.
UNtshumayelo naye usanda kuthola ithuba lesibili empilweni njengoba wanikezwa isigwebo seminyaka emibili ngemuva kokubanjwa ukuthi ubesebenzisa icocaine.
Uthi ukhathazekile ngabadlali bakuleli.
“Ngibona kudingeka udokotela wengqondo ozolekelela abadlali baseNingizimu Afrika ngoba baphila ngaphansi kwengcindezi enkulu. Uma ubheka ku-Instagram, kunabadlali abaphila impilo ehlukile engafani nomholo nomholo wabo, bahamba ngezinto ezinkulu.
Abadlali bakwazile ukusebenzisa imali noma ngasiphi isikhathi, ungawusebenzisa uR20, 000 ngosuku engekho umuntu ozokuthethisa,” kuchaza uNtshumayelo ekhuluma nabeDiski Times.
Kufanele abadlali abasebancane banikezwe ulwazi ngezinto ezifana nalezi uma besebancane. Kunzima ukuthola umdlali oyedwa odlala njalo esigabeni esiphezulu ngoba abadlali babhekene nengcindezi enkulu. Abadlali bayasaba ukukhuluma ngezinkinga zabo,” kusho uNtshumayelo.