Owayengumqeqeshi weKaizer Chiefs uMolefi Ntseki uwubhekise kubalandeli umunwe ekhuluma ngezizathu ezaholela ekutheni zingamlungeli izinto epheka iqembu ngesizini edlule.
UNtseki, owayeyinhloko yenkulisa yeChiefs, wanikezwa izintambo kuqala isizini ka-2023/24 kulandela ukubhuntsha kwemizamo yokuthola umqeqeshi.
IChiefs yayikade ixoshe u-Arthur Zwane, yageja ukuthola uNasreddine Nabi owagcina esayine kwi-AS FAR Rabat yaseMorocco.
UNtseki uthi ukungathandwa abalandeli kwaphazamisa umsebenzi wakhe.
“IChiefs yayizama ukuthola umqeqeshi omusha ekupheleni kwesizini (2022/23). Sazama ukumbheka umqeqeshi kodwa izinto azenzekanga ngoba sasifisa. Iqembu laqoka ukungibeka esihlalweni njengomqeqeshi.
“Abalandeli kwakufanele bakuqonde ukuthi kungani engajoyinanga umqeqeshi owayelindelwe. Abalandeli abakaze bajabule kusukela ngisabekwa esihlalweni. Bangenza ngacasuka, okwadala ukuthi kuphazamiseke nomsebenzi wami.
“Babekhala ngomqeqeshi (Nabi) kodwa wagcina engaqashwanga,” kusho uNtseki ekhuluma ohlelweni iSports Nights Amplified.
IChiefs igcine imtholile uNabi osayine inkontileka yeminyaka emibili neqembu. Inkontileka kaNabi inombandela wokwelulwa ngomunye unyaka.