Isethenjwa sikanozinti weRichards Bay uMalcolm Jacobs welule inkontileka yakhe neqembu njengoba selizodlala kwiDSTV Premiership ngesizini ka-2022/23.

NgoNovemba wangonyaka odlule, uJacobs akafihlanga ngezinhlelo zakhe zokudlala esigabeni esiphezulu.

UJacobs ufike kwiBay ngo-2019 kwazise ubesehlale kakhulu emaqenjini akuGladAfrica Championship iMbombela United, Highlands Park noBuntu Cape Town.

“Sengihlale iminyaka emibili ngohhafu kwiRichards Bay, ngizuze okukhulu empilweni yami, ngasiza neqembu. Siqophe umlando, ngisafuna siqhubeke nokukhanda umlando.

Ngidlulisa ukubonga kuSihlalo nezikhulu zeBay ngokunginikeza ithuba, angiqedile. Bekukhona amaqembu abengifuna kodwa abezikhulumela kuphela, alikho iqembu elibeke imali etafuleni. Akubalulekile ukuthi ngiwagagule ngamagama,” kubeka uJacobs ekhuluma nabeDiski Times.

Kuvela ukuthi lonozinti ubegaqelwe iMaritzburg United, AmaTuks, Swallows nePolokwane City.