Owayengumgadli weBafana Bafana uSiyabonga Nomvethe ukholwa ukuthi ukuqokwa kukaSamuel Eto’o esikhundleni sikaMengameli weCameroon Football Association kuyisibonelo esihle okufanele silandelwe amanye amazwe ezwenikazi lase-Afrika.

U-Eto’o waqokelwa esikhundleni ngoDisemba wangonyaka odlule, okuyisinqumo esithele izithelo ezinhle njengoba iCameroon yasingatha umqhudelwano we-African Cup of Nations (AFCON) owaba yimpumelelo ngoJanuary.

Kusukela abekwa esihlalweni, u-Eto’o, usethathe izinqumo ezingqala. Uqashe uRigobert Song esikhundleni sokuba umqeqeshi weqembu lesizwe. USong uyinkakha yeqembu lesizwe njengoba wadlala kuma-AFCON angaphezulu kwamane, wabamba nerekhodi lemidlalo eminingi eqenjini lesizwe.

“Kuyinto enkulu ukuqokwa kuka-Eto’o noSong. Siyakubonga lokho ngoba babengabadlali abasezingeni ngesikhathi besadlala. Badlalile ebholeni elikhokhelayo, bazakhela amagama.

Kubalulekile ukubona abantu abafana nabo benikezwa izikhundla zobuholi kososeshini bebhola emazweni akubo ukuze bezodlulisa ulwazi abanalo. Lokhu kuyakhombisa ukuthi izinkakha yizona ezingayisa amaqembu esizwe phambili. Impumelelo yabo iyasigqugquzela ngokubaluleka kokuzibambela mathupha ebholeni lethu,” kuchaza uNomvethe.

UDidier Drogba, owayeyintandokazi yomgadli we-Ivory Coast uzamile ukulandela ezinyathelweni zika-Eto’o kodwa ivoti lamshaya. UDrogba wakhishwa emzuliswaneni wokuqala wokuvota ngenyanga eyedlule kodwa wathembisa ukubuya ngamandla okhethweni olulandelayo.

Ngapha eNingizimu Afrika, ubuholi beSAFA bukhalisa izinkakha zeqembu lesizwe, abalandeli, abadlali, abezindaba nabaqeqeshi imbala.

UDoctor Khumalo, uShakes Mashaba noLucas Radebe bake bawuphakamisa lombuzo, befuna ukwazi ukuthi kungani izinkakha zeqembu lesizwe zivalelwa ngaphandle ezinhlakeni nasezinkundleni eziphezulu zeSAFA.