Umqeqeshi weCape Town City u-Eric Tinkler ubeke iphutha kunompempe nabasizi bakhe ngemuva kokushaywa iStellenbosch ngo 1-0 kowomkhaya izolo.

Yize iCape Town City ishayiwe, isahleli endaweni yesibili kwiligi kodwa isengaqhuzuka uma i-Orlando Pirates neRoyal AM benqoba imidlalo esele.

UTinkler uthi bekungafanele bashaye ngoba badlale kangcono kuneStellies esizwe unompempe.

“Sidlale kahle namuhla, umdlalo besiwuphethe. Sikhande amathuba amaningi, uHugo akazange avimbe nelilodwa ibhola. Nonozinti wabo akavimbanga lutho.

Umdlalo besiwuphethe esiswini, besigcwele endaweni yabo. Basithusile kodwa ngokudlala ngezitobha ezine emuva. Bakushintshile lokho umdlalo usuqhubeka, badlala ngezitobha ezintathu. Kodwa sizenzele phansi sihluleka ukumaka amafreekick,” kusho uTinkler.

UTinkler ubekhuluma ngesigameko esiholele kwigoli likaGranwald Scott sekuzophela umdlalo. Lomqeqeshi uthi unompempe ubhacazile kakhulu ekhipha isinqumo esiholele kwigoli.

“Izinqumo zikanompempe bezibheda kakhulu. Akadlalwanga kabi umdlali weStellenbosch, okwesibili bekukhona i-offside. Ngiyaphila ukuthi uMpho Makola ube-offside ngasekugcineni. Okubi ngezinqumo ezifana nalezi ukuthi ziyaxoshisana.

Ngiyaziqhenya ngabadlali bami. Bazikhandlile kulesizini, bekufuneka banqobe kulomdlalo. Ngiphoxeke lapho namuhla, kunezinto ezenzekile kulesizini esingakwazi ukuzijika,” kubeka uTinkler.