Owayengumgadli weKaizer Chiefs uKingston Nkhatha ukholwa ukuthi iKaizer Chiefs lithathe isinqumo esifanele ngokuqoka u-Arthur Zwane esihlalweni sokuqeqesha iqembu elikhulu.

UZwane uzolekelelwa uDillon Sheppard, Bobabili abanikezwe inkontileka yeminyaka emithathu.

“Kufanele axhaswe uZwane ngoba uyalazi iqembu. Udlalile eqenjini, waqeqesha kwinkulisa, manje usehola iqembu elikhulu. Kuyadingeka kuqashwe umuntu owazi iqembu ukusuka nokuhlala. Angeke ahluleka uma ezothola uxhaso,” kubeka uNkhatha obekhuluma nabeFARPost.

UNkhatha uthi akananxa nabalandeli ababemgxeka kwiChiefs, besola ngokuboza. UNkhatha uhlale amasizini amathathu kwiGlamour Boys, wanqoba iligi ngesizini ka-2012/13.

“Ubhekana nobunzima emaqenjini amaningi owadlalelayo. Kufanele uwathande lawomaqembu. Kuyaphoqa ukuthi uqinise ukhakhayi ngoba uqashelwe ukuzosiza iqembu linqobe izindebe.

Ngangijabule kwiChiefs, angeke ngikukhohlise. Ngiyazijabulela zonke izinsuku engizihlale kwiChiefs. Ukugxekwa abalandeli akuniphathanga kabi, abalandeli bafuna iqembu lidlale kahle. Kufanele uzimisele kakhulu uma udlalela iChiefs ngoba abalandeli bahleli bekunakile.

Angeke ngithi besingazwani nabalandeli beChiefs, ngiyayithanda iKaizer Chiefs nabalandeli bayo,” kubeka uNkhatha.