Isiphekepheke somdlali we-Athletic Bilbao neSpain, uNico Williams (22) sesiveze okwasenza sathatha isinqumo sokuhlala kuleli qembu noma besifunwa yiFC Barcelona ngonyaka odlule.

UWilliams wayekhonjwa kwiBarca ngemuva kokushaya into ecokeme iSpain inqoba i-EURO 2024. Ubudlelwano bakhe noLamine Yamal kwenza abaningi bakholwe wukuthi nakanjani uNico uzophelela emabhukwini eBarcelona, kodwa kwangenzeka.

Echaza ngesinqumo sakhe sokuhlala kwiBilbao, ubeke kanje: “I-Athletic wumdeni wami. Indlela engisondelene ngayo naleli qembu iyamangalisa. Angiboni ukuthi ngingaba sesimeni esifanayo kwelinye iqembu. Okwamanje, ngithathe isinqumo engibona silungile futhi ngijabule ngaso.”

UWilliams, ogijima nomfowabo u-Inaki kwi-Athletic owaqoka ukudlalela iGhana, unamagoli amabili nama-assist amahlanu emdlalweni ewu-9 kule sizini. Izibalo zakhe ziphansi okwamanje ngoba uchithe isikhathi esiningi enesa ukulimala.