Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane uthi angeke amgxeke uSiyabonga Ngezana owenze amaphutha amabili betitinywa iMamelodi Sundowns ngo 4-0 eLoftus Stadium izolo.

UNgezana ulale ibhola endaweni ebucayi, okuyiphuths eliholele kwigolo lokuqala elishaywe uGaston Sirino ngomzuzu wesithupha.

UNgezana uphinde wadlala kabi uPeter Shalulile ebhokisini, wadala iphenathi eshaywe yilomgadli okube yigoli lesibili.

UZwane uthi amaphutha ayingxenye yomdlalo. Uthe uNgezana walimala kancane emdlalweni weMaritzburg ngoLwesibili.

“Amaphutha kaNgezana enzeke kusaqala umdlalo, uhlulekile ukubuya emdlalweni ngemuva kwalelophutha. Akufani noSiya okwenzekile. USiya muhle kakhulu ekumakeni abadlali, uyena engimethembile eqenjini.

Ngizokwenza umzekelo ngegoli lesine, uSiya ubezolivimba ibhola ngoba beliqhamuka ngolayini. Namuhla akadlalanga ibhola alijwayele. Ngicabanga ukuthi ubelimele edolweni. Wangitshela ukuthi uthinte kule emdlalweni weMaritzburg ngoba akawuqedanga umdlalo. Wangitshela ukuthi akazizwa kahle.

Ngabe sesngimtshela ukuthi akaqhubeke ngoba sasingeke sifake omunye umdlali,” kubeka uZwane ecashunwa abeSABC Sport.

UZwane uthe ubengafuni ukuhlukanisa ubudlelwano bukaNgezana noKwinika, ngoba nabanye abadlali basazowenza amaphutha.

“Besingafuni ukuhlukanisa ubudlelwano bukaSiya noZitha, ikakhulukazi ngoba umdlalo ubushubile kakhulu. Namuhla ubengekho ezingeni kodwa bekufanele adlale. Ukuzethemba kwakhe kushayekile.

Amaphutha ayenzeka ebholeni. Angeke ngimbulale uSiya ngenxa yamaphutha. Sizozama ukusiza ejimini. Abanye abadlali basazowenza amaphutha, sizokudlulisa lokho. Sizoba ngcono ngokuhamba kwesikhathi, sonke siyawenza amaphutha.

Unompempe wenze iphutha enikeza uZitha ikhadi eliphuzi ekubeni akusiyena odlale kabi. Sonke singabantu, sizowenza amaphutha. Kuyingxenye yomdlalo lokho. Sizofunda ngamaphutha, siqhubekele phambili,” kusho lomqeqeshi.

IChiefs izodlala neRichards Bay ngomhlaka 20 ku-Agasti ngoMgqibelo. Umdlalo uzobanjelwa eMoses Mabhida Stadium.