Umbala omhlompe nobomvu ngokuzothile ejezini leSwallows ubuyisa iminjunju kuNjabulo Ngcobo.

UNgcobo (27) oyisitobha, washaya into ecokeme ngesizini ka-2020/21 edlala kuyo iSwallows. Wahlabana ngomklomelo wesitobha esivelele ekubeni wayedlala isizini yakhe yokuqala esigabeni esiphezulu kuleli.

Ifomu kaNgcobo, oshaya ingcwenga yebhola emuva, yamdonsela amehlo eChiefs eyamsayina ekuqaleni kwesizini.

Kulesizini usedlaliswe ezindaweni ezihlukene, ikakhulukazi esiswini ngoba bebona enonyawo oluhle.

Njengoba iChiefs izogoqa iligi neziNyoni eFNB Stadium ngempelasonto, uNgcobo uthi bayakuqonda ukuthi iSwallows idinga amaphuzu okuvika izembe kodwa nabo bayawadinga amaphuzu okungena kwiCAF Champions League.

“ISwallows ingiphathe kahle, bangisize kakhulu ngokungidlalisa esigabeni esiphezulu. Umdlalo uzoba nzima. Bafuna amaphuzu amathathu kodwa nathi siyawadinga ngoba sizoqhubeka nomgqigqo wethu. Sifuna ukunqoba imidlalo, angeke kube lula kodwa sidinga amaphuzu agcwele,” kubeka uNgcobo ecashunwa i-website yeqembu.

ISwallows ilengela ezembeni njengoba ihleli kunombolo 15 emidlalweni, kwiDSTV Premiership. Uma ihlulwa ngoMgqibelo, isengcupheni yokwehlela kuGladAfrica Championship ngokuphazima kweso.

IChiefs inethuba lokuqeda endaweni yesibili uma ivunwa imiphumela yeminye imidlalo ngempelasonto. Kuzodingeka izenzele umsebenzi kuqala eFNB Stadium.

“Angeke ngibheke amanye amaqembu, kodwa izinto zisahamba kahle. Konke sikulungisile ejimini. Sidinga amaphuzu amathathu ukuze sizobuya ngamandla ngesizini ezayo. Umabuqeda isizini ngenothi eliphezulu, ungena ngomfutho kwisizini elandelayo.

Sifuna amaphuzu amathathu. Sizodlala ibhola elihle njengoba sijwayele. Amanye amaqembu abezinhleli zawo, nathi sizobheka ezethu. Uma sinqoba lomdlalo, singazibekisela ngendawo kwiCAF. Ngithemba ukuthi kuzoba njalo,” kusho uNgcobo.