Unozinti weMarumo Gallants uKing Ndlovu ukholwa ukuthi iqembu labo Lina badlali abangakwazi ukumelana neMamelodi Sundowns emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup ozobanjelwa eRoyal Bafokeng Stadium ngoMgqibelo.

“Siyazi akekho umuntu ocabanga ukuthi singawina. Kufanele sizethembe thina, sikholwe ukuthi singawina. Sinabo abadlali abasezingeni eliphezulu abangasiwelisa kwiSundowns. Abadlali esinabo banesipiliyoni, siyazethemba kakhulu,” kubeka uNdlovu.

Lonozinti uveze nokuthi bafuna ukuwuqedela enkundleni umdlalo, kunokuthi baye emaphenathini. Uthi ukuqokelwa kumklomelo womdlali ovelele kwiNedbank Cup kumfanele.

“Asifuni ukuya emaphenathini, amaphenathi angawinwa inoma yiliphi iqembu, kodwa sifuna ukuqeda umdlalo emizuzwini engu-90. Sinabo abadlali abazosiza sishaye iSundowns, sizolwa.

Kudingeka siziphathe kahle enkundleni ngoMgqibelo. Kuzoba lula ukuwina uma sikwazi ukuqinisa emuva,” kusho uNdlovu osangenelwe yigoli elilodwa emidlalweni emithathu kwiNedbank Cup.

“Kuhle ukuqokelwa kumklomelo womdlalo ovelele. Aujwayelekile ukuqokwa kukanozinti kube kukhona abadlali. Ngiyaziqhenya kakhulu, kungifanele ukuqokwa ngoba ngidlale kahle,” kusho lonozinti.

UNdlovu (29) uthi basebenzise imidlalo yokugcina kwiligi ngenhloso yokuzilungiselela lomdlalo.

“Imidlalo yokugcina kwiligi besiyithatha njengejimu yalomdlalo,” kusho uNdlovu.