Owayengunompempe weFIFA u-Ace Ncobo usebeke uvo lwakhe ngesinqumo sikanompempe uBakary Gassama owashintsha isinqumo sephenathi ayibeka ngoba ibhola lishayisa esandleni kuHappu Jele we-Orlando Pirates.
UGassama washintsha lesinqumo esiwombeni sokuqala kulomdlalo weCAF Confederations Cup owanqotshwa yi-Al Ahli Tripoli ngo 1-0 e-Orlando Stadium. IPirates yanqoba ngo 2-1 uma sekuhlanganiswe imiphumela yemilenze emibili.
I-Al Ahli yahluleka ukufihla ukucasuka ngesinqumo sikaGassama, baze basolwa lonompempe ngokubadlisela bukhoma. I-Al Ahli yaphinde yasola lonompempe ngokunqaba namaphenathi amabili.
UNcobo uvuna uGassama, uthi umthetho weFIFA awuyivumeli iphenathi uma ibhola liqale ngokushaya kwenye indawo emzimbeni ngaphambi kokuthinta ingalo.
“Unompempe uthathe isinqumo ngoba uyazi ukuthi uzolekelelwa iVAR. wagijimela kwiVAR eqeda ukuthatha isinqumo ngoba bazomcebisa ngesinqumo esilungile.
Unompempe naye ubonile ukuthi ibhola liqale kwizimbambo zomdlali ngaphambi kokushaya ingalo. Yingakho ebuyekeza isinqumo, aphike iphenathi. Isinqumo sokukhomba iphenathi sasibheda kakhulu kungakayiwa kwiVAR. Isinqumo esihle impela,” kubeka uNcobo obekhuluma ku-Extra Time edlala kuSuperSport TV.