Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMandla Ncikazi wehlele ngezansi waxolisa kwiConfederation of African Football (CAF) ngokusebenzisa indawo okungeyona ngesikhathi ekhalaza ngokuhlukumezeka abakuthola eTanzania beyodlala neSimba SC.

ICAF yathumela incwadi yesexwayiso kuNcikazi owayecetshwe yiSimba. Leliqembu lalisola ngokungaziphathi ngendlela efanele.

UNcikazi wabhodla umlilo, esola iSimba ngokungabaphathi ngezandla ezifudumele eTanzania, wathi iPirates yahlukunyezwa kuhle okwezilwane ngaphambi komdlalo womlenze wokuqala kuma-quarterfinals eCAF Confederations Cup ngo-Ephreli.

Ngemuva komdlalo weDSTV Premiership iBucs ibhaxabula kwiMaritzburg United ngo 4-1, uNcikazi uqinisekise ukuthi wathola incwadi yesexwayiso eyayisuka kwiCAF.

“ICAF ikuqondile engikubhale encwadini yami yokuphendula. Namanje ngisaxolisa. Ngakhuluma endaweni okwakungafanele ngikhulume kuyo, zazikhona ezinye izindlela zokudlulisa izikhalazo zami.

Ngakhuluma endaweni engafanele. Ngaxolisa ngalokho. Angeke ngizixolisele ezinye izigameko ezenzeka e-Afrika. Ngiyaxolisa kakhulu ngokukhipha ulaka ngokukhuluma nabezindaba,” kusho uNcikazi esekhuluma nabezindaba.

Ngemuva komlenze wokuqala owawubanjelwe eBenjamin Mkapa Stadium, uNcikazi wabeka kanje.

“Singama-Afrika, asiyiyeke lento yokuhlukumeza amaqembu uma efike eTanzania, abantu nibaphathisa okwezilwane, aninabo ubuntu.”