Lilodwa igama lomqeqeshi elingundabuzekwayo kwabezindaba nasezinkundleni zokuxhumana emasontweni adlule, loyo mqeqeshi nguMandla Ncikazi ololonga i-Orlando Pirates.

Inkulumo yakhe eyasusa umsindo kubalandeli bebhola yagcina isihlala kabi komunye umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokoena. Wayekade ekhuluma ngeSundowns ethi iyona etheza kangcono uma kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali.

“Kunamaqembu asebenzisa abadlali abasuka kwinkulisa, abasebancane. Izinkulisa eziningi zavalwa ngenxa yecovid-19, iSAFA yayivaliwe kodwa iSundowns ithenga eWoolworths, thina sicoshacosha ePick n Pay naseSpar,” kubeka uNcikazi ngemuva komdlalo neChippa United owaphela ngo 1-1.

Lenkulumo ayehlanga kahle kwabanye abalandeli beBucs, abaningi babefuna axolise ngamazwi akhe.

NgoMsombuluko, uNcikazi ukhulume noThabo Mosia kwiSAFM, waxolisa kubalandeli bamaBhakabhaka ngenkulumo yakhe.

“Ngifuna ukuxolisa kubalandeli bePirates ngenkulumo ethinta iWoolworths noPick N Pay. Angikaze ngihlele ukudelela abantu ngalenkulumo. Sekusuke nomsindo kwamanye amaqembu ngenxa yalenkulumo. Angeke ngisakhuluma okuningi ngoba loyomuntu unenkinga nami nePirates.

Yize engafunanga ukudalula igama, uNcikazi uchazile ukuthi kunomqeqeshi ongaphathekanga kahle ngemuva kokuzwa lenkulumo.

Angifuni ukuchaza kakhulu ngoba ngibalekela izinkinga, ngoba lomuntu ophendulile ukhulume okwakhe ukucabanga. Angikhumbuli ekhuluma izinto ezinhle ngePirates noma ngami,” kubeka uNcikazi.