Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMandla Ncikazi ukhale ngokudembesela kwabadlali bakhe beshaywa yi-Al Ahli Tripoli ngo 1-0 emdlalweni weCAF Confederations Cup ngeSonto.
Yize iBucs ishayiwe, iyona edlulele kowamanqamu njengoba inqobe ngo 2-1 uma sekuhlanganiswe imiphumela yemilenze emibili.
IPirates isizobhekana neRSB Berkane yaseMorocco kowamanqamu ozobanjelwa e-Akpabio International Stadium eNigeria.
UNcikazi uthi bakwenzile obekubalulekile yize i-Al Ahli ibathusile kulomdlalo.
“Ngizobongela abadlali ngokufaka iqembu kowamanqamu. Ngibonga nabalandeli ngokufika emdlalweni. Isimo sezulu Besingekho sihle kodwa ngibabonile bafike ngobuningi babo.
Umdlalo ubunzima kakhulu. Sifikile kowamanqamu kodwa besingenza kangcono. Umphumela womlenze wokuqala usiphazamisile. Kodwa umdlalo besiwuphethe, ikakhulukazi isiwombe sesibili. Sibuye ekhefini sekunomehluko omkhulu,” kubeka uNcikazi ngemuva komdlalo.
Komunye umdlalo, iBerkane inenebule iTP Mazembe ngo 4-1 eMorocco, yazicabela indlela eya kowamanqamu ihlandla lesithathu eminyakeni emihlanu.
“I-Al Ahli ibingasabi nakancane. Ibihlasela ngamandla. Ngiyajabula sifinyelele kowamanqamu. Bengingeke ngivumelane nomuntu owayengangitshela ukutshela ukuthi sizodlala kowamanqamu ekuqaleni kwesizini.
Asibonge ukudlulela phambili, silungise amaphutha ukuze sizoqina eNigeria ngoba Kuzoshipha ukotshi,” kubeka lomqeqeshi.
I-Al Ahli ibifaka ukushisa e-Orlando uma kuqhathaniswa nomdlalo owawubanjelwe eBenghazi. Idlale kangcono yize inkundla ibishelela.
“Asidlalanga kahle, bekungeyona indlela ebesihlele ngayo esiyikhombise namuhla. Kungenzeka siphikwe inkundla kodwa angeke ngikhalaze ngalokho. Kufanele sibhukule.
Kumele siqinise emagolini, sizokhanda amathuba amaningi okushaya amagoli emdlalweni wamanqamu kodwa sizokhala uma singawasebenzisi. Maningi amathuba okuwina uma singalungisa ukushayela ipali nokwenza izinqumo ezikhaliphile ebhokisini,” kusho uNcikazi.