Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMandla Ncikazi uthi kuyajabulisa ukubuya kukaVincent Pule osehlale izinyanga eziningi engalithinti ibhola ngenxa yokulimala.

UPule wagcina ukudlala ngo-Okthoba wangonyaka odlule. Ubuyele enkundleni emdlalweni weCAF Confederations Cup beshaywa i-Al Ahli Tripoli ngo 1-0 ngeSonto. UPule ungene esiwombeni sesibili kulomdlalo womlenze wesibili.

Yize iBucs yashawa, yadlulela kowamanqamu ngoba yayinqobe ngo 2-1 emlenzeni wokuqala. IBucs izobhekana neRS Berkane emdlalweni wamanqamu ozobanjelwa e-Akpabio International Stadium, eNigeria ngoLwesihlanu.

UNcikazi uthe bafaka uPule ngoba befuna ukuhlola izinga lakhe kwazise ubuya ekulimaleni.

“Sithathe isinqumo sokumdlalisa. Uma engadlali manje, kungenzeka umdinge ngolunye usuku. UPule ungumdlali obalulekile kwiPirates, ukhanda amathuba.

Bekubalulekile ukuthi athole imizuzu enkundleni ngoba ubuya ekulimaleni. Sesiyazi ukuthi udinga isikhathi esingakanani, sekumele simlungiselele.

Kubalulekile ukuthi afinyelele kowamanqamu ngoba ungomunye wabadlali abakuwinela imidlalo. Namuhla ukhombise izinga lakhe kancane ngoba ubelimele isikhathi eside. Ngijabule ngokudlala kwakhe kusukeka ebuyile,” kubeka uNcikazi ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo.