Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMandla Ncikazi uthi umdlalo womlenze wesibili weCAF Champions League phakathi kwePetro de Luanda neWydad Casablanca ukhombise ngokusobala ukuthi angeke uthembele kumphumela womlenze wokuqala uma ufuna ukuphumelela.

UNcikazi ubone lomdlalo uwumzekelo kwiPirates ezodlala ne-Al Ahli Tripoli emlenzeni wesibili weCAF Confederations Cup namuhla e-Orlando Stadium. Umdlalo womlenze wokuqala wawinwa iBucs ngo 1-0 eBenghazi.

Uthi umthetho wamagoli ashaywe ekuhambeni angeke ubafaka kowamanqamu kalula, ababukele umzekelo emdlalweni wePetro neWydad ukuze bezovuka emaqandeni.

“Sihleli kahle kulomdlalo kodwa nengozi ikhona. Ngibone isifundo emdlalweni wePetro neWydad, iqembu lasekuhambeni belihlasela kakhulu lifuna ukushaya igoli ngokushesha.

Kufanele siqaphe kulomdlalo. Kuzomele sibagade abagadli be-Al Ahli ngoba bazohlasela befuna igoli. Kubalulekile ukuthi silishaye kuqala igoli ukuze sizophatha umdlalo.

Sizolwela ukuphatha umdlalo kusasa. Sizomelana nengcindezi yezitha nabagadli bayo abade. Badlala nabagadli ababili abade. Kodwa sizobe sidlalela ekhaya, sifuna ukudlala ibhola esilijwayele. Kubalulekile ukuwina uma sesiya kowamanqamu. Siwulungiselele umdlalo,” kusho uNcikazi.

UNcikazi uthe abakayikhulumi indaba yeqembu abazodlala nalo kowamanqamu ngoba akafuni kube sengathi badelela i-Al Ahli eyashaya iCS Sfaxien nePyramids FC emzuliswaneni wamaqoqo.

Omunye umdlalo owandulela owamanqamu uphakathi kweRS Berkane neTP Mazembe. IMazembe yanqoba ngo 1-0 emlenzeni wokuqala.

“Angifuni ukuxhamazela, ngilinde umdlalo wakusasa. Umdlalo wamanqamu yilona owakusasa. Akufanele sicabange ngomdlalo wamanqamu ngoba sizophazamiseka. Sizofaka wonke umfutho kulomdlalo, okunye sizokubona sekuphele umdlalo.

Uma sibhacaza kusasa, i-Al Ahli izosigqiba. Yingakho ngitshele abadlali ukuthi abaqinise emdlalweni wakusasa. Asithathe umdlalo ngamunye,” kusho lomqeqeshi.